I-ANC ithi akuqiniswe ezokuphepha ehostela laseGlebelands

2016-04-19 07:15

eMlazi – I-African National Congress KwaZulu-Natal ithi akuqiniswe ezokuphepha ehostela laseMlazi iGlebelands enyakatho neTheku, ngokwemibiko ye-SABCnews.

Lokhu kulandela isigameko sangempelasonto lapho kwabulawa khona ikhansela le-ANC uZodwa Sibiya edutshulwa amadoda angaziwa.

Abaholi be-ANC bavakashele kuleli hostela nokuyilapho abaxhumana nomalumekazi kaZodwa uNonhlanhla Sibiya othe: “Njengomndeni sasingafuni vele ukuthi ahlale kuleya ndawo. Sasimncenga kodwa wayevele ethi ngeke akubalekele ukufa. Ngisho seluqina udlame, wayengaba ukuhamba kuleya ndawo.”

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe owesilisa nomkakhe ehostela eMobeni

UNobhala we-ANC kulesi sifundazwe uBheki Ntuli uthe, “Banodlame futhi abanazwelo kule ndawo yingakho sifuna uhulumeni aqinise ezokuphepha futhi kuqinisekiswe ukuthi namaphoyisa ayaphenyisisa ngalezi zigameko.”

Leli hostela liphethwe uMasipala weTheku kanti uthi ukulivala ngeke kube isisombululo. Okhulumela umasipala uThulani Mbatha uthe, “amahostela aseyizindawo ezihlala imindeni, ngakhoke ukuwavala kusinika umsebenzi omkhulu wokutholela imphakathi ezinye izindawo zokuhlala.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.