I-ANC ithi iyazwelana ne-NFP, kodwa...

2016-07-06 16:01

Durban – I-African National Congress KwaZulu-Natal ithe yize izwelana neNational Freedom Party ngokukhishwa kwayo emjahweni wokhetho, izimisele ngokulisebenzisa leli thuba.

"Yimpi le esibhekene nayo ngoba kuyiwa okhethweni,” kusho okhulumela i-ANC esifundazweni uMdumiseni Ntuli.

I-ANC ibikhuluma nabezindaba ngomkhankaso wokhetho, ukubulala okuhlobene nezepolitiki esifundazweni kanye nokwenzeka ku-NFP.

I-NFP yasidlulisela enkantolo isinqumo se-Independent Electoral Commission of South Africa sokuyikhipha okhethweni, kepha yafika yakhala ngaphansi.

OLUNYE UDABA: 'Izobhedula udlame eyokuvalelwa ngaphandle kwe-NFP okhethweni'

Leli qembu ngeke libe yingxenye yokhetho lwezindawo kulandela ukuhluleka ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokukhokha imali yokungenela ukhetho.

UNobhala we-ANC esifundazweni uSuper Zuma uthe kubuhlungu okwenzeke ku-NFP ngoba beyi-ANC bayakholelwa ekutheni ukhetho lumnandi ngamaqembu amaningi.

Uqhube ngokuthi nokho abavoti be-NFP bamukelekile ukuthi bavotele uKhongolose.

I-NFP iphethe KwaNongoma, oPhongolo naseDumbe, kanti ibusa ngokubambisana ne-ANC komasipala abangu-14 esifundazweni.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.