I-ANC ithi kukhulu okuzolandela kuDA ngokusula kukaDe Lille

2017-01-30 16:00

Cape Town – I-African National Congress (ANC) eWestern Cape isichaze ukusula kukaPatricia de Lille njengomholi weDA esifundazweni njengesiqalo sokukhulu okusazokwenzeka kuleli qembu elibusayo kulesiya sifundazwe.

Le Meya yaseKapa ithi yesule kulesi sikhundla ngoba isifuna ukugxila emsebenzini wayo kuMasipala waseKapa. Ithi ukuwina ngamalengiso kwe-DA kuleli dolobha kubeke umthwalo omkhulu emahlombe ayo.

Kodwa-ke obambe njengoSihlalo we-ANC eWestern Cape, uKhaya Magaxa, ukholwa ukuthi inkulu into efihlwayo ngesizathu sokusula kukaDe Lille.

OLUNYE UDABA: Wesulile uDe Lille njengomholi weDA eWestern Cape

Uthi uDe Lille ubelokhu eyiMeya enhle futhi uzinyusile izibalo zeqembu kuleli dolobha kanye nasesifundazweni, nokwaholela ekutheni aphinde aqokwe.

I-ANC igxeka lowo owayengumholi weDA, uHelen Zille, ngalokhu kusula kukaDe Lille.

UMagaxa uthi njengoba uDe Lille eyiKhaladi, kunokusabela ngenhloso yokusunguleka kweDA, njengoba i-Western Cape kuyisizinda sayo.

“Okufunwayo [ukuthi] kumele ihlale isezandleni zabantu abamhlophe, ngale kwalokho impumelelo yamaKhaladi izosho ukuthi angeke kuphinde kube nomunye umholi omhlophe kuleli qembu,” usho kanje.

“IDA ingacabanga ukuthi ithatha amandla ku-ANC, kodwa bawanikezela kubantu abamnyama ngakho abaxhasi babo abakwazi ukukumela."

Ukusula kukaDe Lille kuzoqala ukusebenza ngomhlaka-1 kuFebhuwari, ngokusho kweqembu. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.