I-ANC ithi kuzomele iqalise umsebenzi ngokushesha ikhomishini ngolweState capture

2018-01-25 18:00

Cape Town - I-African National Congress (ANC) ithi ikhomishini ezophenya mayelana nezinsolo zokubhozonyelwa koMbuso kumele iwuqalise ngokushesha umsebenzi wayo njengoba isikhishiwe imibandela yokuthi lolu phenyo luzoqhutshwa kanjani.

Imibandela kaMengameli Jacob Zuma ngalolu phenyo ikhishwe ngoLwesine.

Kuyona, uZuma ufuna kuphenywe ngazo zonke izinhlobo zenkohlakalo ezikhona kuhulumeni, okubalwa izinsolo abekwa zona yena siqu sakhe, ongqongqoshe beKhabinethi lakhe, umndeni wakwaGupta kanye nezinkampani ezingaphansi kukahulumeni.

Lowo ophumayo esikhundleni sokukhulumela i-ANC kuzwelonke, uZizi Kodwa, ngoLwesine uthe ikhomishini - ezoholwa yiSekela leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo, kumele liqalise umsebenzi ngaphandle kokubambezeleka.

OLUNYE UDABA: Ikhomishini ngeState capture kumele iphenye inkohlakalo kuhulumeni, igxile kwabakwaGupta

"Kumele liqalise ukubiza ofakazi ngokushesha," kusho uKodwa etshela iNews24 ngoLwesine.

"Lezi zinsolo sizithathela phezulu. Zishiye isithombe esibi ngohulumeni wethu kanye nangezwe."

UKodwa uthe le khomishini manje isilinikeziwe igunya lokuthola iqiniso ngaphandle kokusaba nangokwenzelela.

"Ikhomishini kuzomele ipequlule yonke into ngemizamo yokuthola iqiniso, akukhathaleki ngubani umsolwa."

Le nhlangano izwakalise ukuthi iyamethemba uZondo nekhomishini ekuqhubeni umsebenzi wayo ngaphandle kwesandla semfene, njengokwezincomo sikalowo owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela.

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.