I-ANC ithi ngeke izwane nabaphehla udlame ngegama layo

2016-05-25 18:31

Johannesburg – Ukubhebhethekisa udlame ngegama le-ANC ngeke kubekezelelwe, lokhu kushiwo yiqembu elibusayo kulandela isigameko okuthiwa senzeke eMpumalanga.

"Kukhona abafuna ukuvusa uthuthuva egameni le-African National Congress. Sithanda ukuziqhelelanisa nabo,” kusho okhulumela i-ANC uZizi Kodwa etshela iNews24.

"Labo bantu abamele uKhongolose.”

UKodwa ubekhuluma ebhekise esigamekweni okudutshulwe kuso ilungu le-EFF eMpulamanga ngoLwesibili ntambama.

USenzo Thwala oyilungu le-EFF udubuleke walimala emlenzeni ngesikhathi ezama ukuvimbela owesilisa obegqoke isikibha se-ANC ukuthi angene enkundleni yezemidlalo KaMaqhekeza ngoLwesibili ntambama.

OLUNYE UDABA: UMalema ubize umengameli Zuma nge’Blesser’

UKodwa uthi umholi we-EFF uJulius Malema umshayele ucingo emazisa ngalesi sigameko wathi iqembu lakhe line-video nezithombe.

"Ngithe uma kunjalo, i-EFF kumele idlulisele lolu lwazi emaphoyiseni. Udlame alwamukelekile neze kuwona wonke amaqembu ezombusazwe.”

Uthe labo abaphehla udlame abayiqondi indaba yentando yeningi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.