I-ANC iyalele uNgqongqoshe ukuba ahoxise ukuqashwa kabusha kukaMolefe - Umbiko

2017-05-17 10:59

Johannesburg – I-African National Congress (ANC) iyalele uNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uLynne Brown kanye nebhodi lakwa-Eskom ukuba bahoxise isinqumo sokubuya kukaBrian Molefe njengesikhulu esiphezulu kule nkampani.

UMolefe, owesula njengesikhulu esiphezulu kule nkampani ngonyaka odlule kulandela umbiko kaThuli Madonsela we-State Capture, usebuyiselwe esikhundleni sakhe.

NgoLwesibili kuvele umbiko wamaBhungane oshicilelwe ku-Eyewitness News omayelana noMolefe kanye noSihlalo webhodi lakwa-Eskom uBen Ngubane othi bacindezela lowo owayenguNgqongqoshe weziMayini uNgoako Ramatlodi ukuba afakele ingcindezi inkampani yakwaGlencore ukuze kuqinisekiswe ukuthi inkampani yakwaGupta ithatha izintambo emayini yamalahle i-Optimum.

OLUNYE UDABA: UMaimane usephumele obala ngendlela azizwa ngayo ngombhalo kaZille

Abakwa-Eskom bazichithile nokho lezi zinsolo kodwa abahlaziyi bakholelwa ukuthi baningi abanye ongqongqoshe abangase baphumele obala ngezinsolo ezithinta umndeni wakwaGupta nobudlelwane abanawo nezinkampani zikahulumeni, amalungu eKhabhinethi kanye noMengameli Jacob Zuma.

Khonamanja, iDemocratic Alliance ibabele enkantolo ifuna kuhoxiswe isinqumo sokubuyela kukaMolefe kwa-Eskom.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.