‘I-ANC iziphilela emhlabeni wayo yodwa’

2017-08-24 19:27

Johannesburg – I-African National Congress iziphilela kowayo yodwa umhlaba futhi ayikuhloniphi ukubaluleka kokuba yimfihlo kokuvota esithe mayelana nokungamethembi uMengameli Jacob Zuma, kusho lowo owayenguNgqongqoshe wezobuNhloli uRonnie Kasrils ngoLwesine.

“Kuyihlazo elikhulu ukungasihloniphi kwabo lesi sinqumo sokuvota ngokuyimfihlo," kusho uKasrils etshela iNews24.

UKasrils ubekhuluma ese-University of Witwatersrand, eBraamfontein.

"Uma usuphumela obala ngokuvotela ukuthi uZuma akhishwe esikhundleni uthathwa njengomuntu obukela phansi ivoti eliyimfihlo nokuthi lokho kubathinta kanjani abanye abantu,” esho.

Ngesonto eledlule, uNobhala Jikelele we-African National Congress uGwede Mantashe uthe okungenani bathathu abangamalungu ePhalamende ku-ANC abazoqondiswa izigwegwe ngemuva kokuphumela esidlangalaleni bathi bavotele ukuthi uZuma aketulwe ngesikhathi kuvotwa ngokuyimfihlo ePhalamende.

OLUNYE UDABA: I-ANC izoqondisa izigwegwe amaLungu ePhalamende avotele ‘ukuketula’ uZuma

Lowo owayenguNgqongqohe wezeziMali uPravin Gordhan, owayengowezokuVakasha uDerek Hanekom kanye nabangamalungu aphezulu e-ANC ePhalamende uMakhosi Khoza noMondli Gungubele kulindeleke ukuthi baqondiswe izigwegwe ngokuphumela obala bathi bazovota ngonembeza babo.

UKasrils ukhulume wancoma uHanekom, uKhoza noGordhan ngokwenza into efanele “nelungile ukulungisa okungahambi kahle ngaphakathi eqenjini”.

“Lo ngumbono engingaziyamanisa nawo; ngathatha indlela efanayo nami ngo-2014 ngesikhathi ngizama ukunyakaziza i-ANC ngoba ngibona ukuthi iphila emhlabeni wayo yodwa.”

UKasrils wamangaza abaningi ngesikhathi ethi ngeke ayivotele i-ANC okhethweni luka-2014 ngesikhathi esungula umkhankaso i"Vote No".

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.