I-ANC izivulile izindla ukubambisana ne-EFF kumasipala

2018-03-01 12:30

Johannesburg - I-African National Congress esifundazweni i-Eastern Cape ithi iyivulile iminyango ukubamba izingxoxo zokubusa ngokubambisana ne-Economic Freedom Fighters kuMasipala waseNelson Mandela Bay.

Lokhu kungemuva kokuba umholi we-EFF uJulius Malema ememezele ePhalamende ngoLwesibili ukuthi inhlangano yakhe ifuna ukufaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi beMeya u-Athol Trollip weDemocratic Alliance (DA) ngo-Ephreli.

OLUNYE UDABA: I-DA iyisitha sabantu njengoba ingalweseki elokubuyiswa komhlaba - Malema

USihlalo we-ANC esifundazweni, u-Oscar Mabuyane, uthi lokhu kuzobasiza kakhulu abantu bakulo masipala.

UMabuyane uthi basibheke ngabomvu lesi siphakamiso sokusebenzisana kodwa asikabi ngesisemthethweni njengoba besafunda ngaso ezinkundleni zokuxhumana.

Kodwa uthi uma sifakwa lesi siphakamiso, nakanjani bazosicubungulisisa namanye amaqembu ezepolitiki.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.