I-ANC izoqondisa izigwegwe amaLungu ePhalamende avotele ‘ukuketula’ uZuma

2017-08-15 18:00

Johnnesburg – I-ANC izoqondisa izigwegwe okungenani amaLungu ePhalamende amathathu aphumele obala esho ukuthi avote eseka esiphakamiso sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma, le nhlangano isho kanjalo ngoLwesibili.

INational Working Committee yaleli qembu inqume emhlanganweni wangoMsombuluko ukuthi la maLungu ePhalamende kumele abhekane nokuqondiswa izigwegwe.

UNobhala Jikelele we-ANC, uGwede Mantashe, uthe leli qembu angeke lize "libazingele” lawo malungu asolwa ngokuvotela ukweseka lesi siphakamiso, kodwa-ke labo asebesho esidlangalaleni ukuthi bavote ngokusekela isiphakamiso seDemocratic Alliance sokungamethembi uMengameli Zuma bazoqondiswa izigwegwe.

“Abathathu babo asebekuqinisekisile ukuthi bavote namaqembu aphikisayo kuzomele sibhekane naleso simo ngoba uma singakwenzi lokho sizocekela phansi umongo wokuba yinhlangano,” uMantashe usho kanjalo.

OLUNYE UDABA: UBheki Cele uvikele abe-ANC abavotele ‘ukuketula’ uZuma

OwayenguNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan; owayenguNgqongqoshe wezokuVakasha, uDerek Hanekom, kanye namaLungu aphezulu e-ANC, uMakhosi Khoza kanjalo noMondli Gungubele, sebeke bakusho esidlangalaleni ukuthi bazovota ngonembeza babo.

UMantashe uthi i-ANC ayiyiboni “njengokunqoba” imiphumela yangoLwesibili olwedlule eyaba yingqophamlando.

Okokuqala ngqa selokhu waba semandleni uZuma, alinganiselwa ku-30 kuya ku-40 amaLungu ePhalamende e-ANC asekele isiphakamiso ebesenziwe amaqembu aphikisayo.

Ngempelasonto uZuma unxuse amaLungu ePhalamende e-ANC avotele "ukumketula" ukuthi ahambe. Uthe izenzo zawo “ziwukufaka inhlangano ehlazweni”.

UZuma usinde kancane kulesi siphakamiso sokungamethembi njengoba amaLungu ePhalamende angu-177 evotele ukuthi asuswe esikhundleni kwase kwathi angu-198 wona avota ephikisana nalesi siphakamiso. Aba ngu-9 akhetha ukungalibambi iqhaza. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.