I-ANC kumele idlalele kude nenkohlakalo - Ramaphosa

2018-03-31 14:06

Johannesburg – UMengameli Cyril Ramaphosa usenxuse ukuthi iphele nya inkohlakalo kwi-ANC nakuhulumeni.

Ukusho lokhu ekhuluma ebandleni i-CFCI, eSikhaleni, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, ngoLwesihlanu.

URamaphosa uphinde wabonga abazalwane ngokukhulekela i-ANC ngesikhathi ibambe inkomfa yokuqokwa kobuholi ngoDisemba.

“Ngaphambi kwaleyo ngqungquthela lwalungekho ubumbano. I-ANC isebenzela abantu baseNingizimu Afrika njengoba iyiqembu elibusayo. Kumele idlalele kude nenkohlakalo."

OLUNYE UDABA: Kumele akhishwe amazambane abolile kwi-ANC - Ramaphosa

Unanele nangokuthi kumele kulwiswane nobubha ngomfutho ofanayo nalowo okuzobe kulwiswa ngawo inkohlakalo.

"Isiqalo esisha sichaza ukuthi sizoyisukumela indaba yobubha ezweni lethu. Iningi labantu bakithi lisadla imbuya ngothi, eqinisweni u-50% wabantu bakuleli badonsa kanzima.

"Isiqalo esisha kumele sichaze ukuthi sibhekana ngqo nezingqinamba," esho.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.