I-ANC kumele ithathele izinyathelo othe ‘uzovotela ukuthi uZuma ahambe’ – Mthembu

2017-07-31 16:02

Cape Town – I-ANC kumele ithathele izinyathelo iLungu layo lePhalamende “elingaziphethe kahle”, uMondli Gungubele, ngokuthi athi angeke aze avotele ukuphikisana nesiphakamiso sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma, uSotswebhu waleli qembu, uJackson Mthembu, usho kanjalo ngoMsombuluko.

“UComrade Mondli Gungubele usebe yiLungu lakamuva lePhalamende ukujoyina umkhankaso wokudaza inkani ngokuthi asho esidlangalaleni ukuthi angeke avote ngokwenqubo yeqembu i-ANC esiphakamisweni esizayo sokungamethembi uMengameli Zuma sabamaqembu aphikisayo ePhalamende,” usho kanjalo esitatimendeni.

Ngesonto eledlule, uGungubele uthe akasemethembi uMengameli Jacob Zuma, ejoyina amaLungu ePhalamende e-ANC, uMakhosi Khoza kanye nalowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, ngokusho esidlangalaleni ukuthi uMengameli Jacob Zuma kumele ehle esikhundleni.

OLUNYE UDABA: USchabir Shaik uthi 'isilima' esinguMalema asazi lutho

UMthembu uthi ukuphawula okunjena kuwukuphuma endleleni kanti kukhombisa ukungaziphathi kahle okukhulu.

UMthembu uthe uNobhala Jikelele weqembu, uGwede Mantashe, useke wakhuluma noGungubele ngalokhu kuphawula kwakhe esidlangalaleni.

Uthi kuyadumaza ukuthi uGungubele ukhombisa ukungathobeli kanye nokungahloniphi imiyalelo yobuholi be-ANC.

Ukuvota ngokungamethembi uMengameli Zuma kulindeleke ukuba kube ngoLwesibili oluzayo. USomlomo wePhalamende likazwelonke, uBaleka Mbete, namanje kusalindeleke ukuba asho ukuthi uzokuvumela yini ukuvota ngokuyimfihlo noma cha. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.