I-ANC kumele ukhethe umengameli wesifazane - Sisulu

2017-09-01 09:33

Cape Town – Kubalulekile ukuba iNational Congress (ANC) ikhethe umengameli wesifazane engqungqutheleni yayo ngoDisemba, akukhathalekile ukuthi ungubani lowo wesifazane, kusho ogaqele isikhundla sokuhola i-ANC uLindiwe Sisulu ngoLwesine ebusuku.

USisulu uthe “kumele kwenzeke” ngoba ukubakhona kukamengameli wesifazane kuzokhomba ukuthi izwe lizimisele ngezinguquko.

“Noma ngabe nguNkosazana [Dlamini-Zuma], uBaleka [Mbete] noma ngubani omunye… Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuba kuhole owesifazane,” kusho yena.

USisulu, 63, ubethula inkulumo yakhe emcimbini wabesifazane obuhlelwe yiSasco eCape Peninsula University of Technology (CPUT) esikhungweni saseBellville.

OLUNYE UDABA: Okwenziwe wumfundi ngemali ayithole ngephutha kwa-NSFAS

Ihholo obekubanjelwe kulo lo mcimbi beligcwele liphuphuma.

USisulu uphinde wathi akekho umuntu wesilisa okumele azethule njengelungu le-ANC uma esolwa ngokuhlukumeza abesifazane, “noma ngabe uyiphini likaNgqongqoshe woMbuso”

"Amadoda ahlukumeza abesifazane emoyeni noma enyameni asuke engenakho ukuzethemba.”

USisulu uthe uxoxisana nabameli ukuqinisekisa ukuthi umdlwenguli akagwetshwa ngaphansi kweminyaka engu-20 ebhadlala ejel futhi kumele angawutholi ushwele

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.