'I-ANC kusayilona kuphela ithemba labantu'

2017-10-15 18:00

Durban – Iphini likaMengameli uCyril Ramaphosa lithi ukwahlukana phakathi okubonakala kwi-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal kuzolimaza imizamo yenhlangano yokuguqula izimpilo zabantu.

URamaphosa ubekhuluma emcimbini weYoung Communist League eCurries Fountain eThekwini.

Ubehambisana nabaholi bamadlelandawonye kanye nabanye balabo abafaka i-ANC yaseKZN enkantolo.

URamaphosa uqale inkulumo yakhe ngokukhalisana nemindeni elahlekelwe yizihlobo ngesikhathi kunesiphepho eKZN ngeledlule.

OLUNYE UDABA: I-ANC idumele ngowayo oboshele icala lesibhamu

URamaphosa ukhulume ngoqhekeko olukhona eKZN wathi kuyadumaza kubaholi bakazwelonke ukubona i-ANC ikulesi simo kulesi sifundazweni.

“Uma nje i-ANC isaqhubeka nokungabambisani eKZN, ngeke sikwazi ukufezekisa isithembiso esasenza kubantu bethu.”

URamaphosa uthi i-ANC isayilona kuphela ithemba eNingizimu Afrika kodwa inhlangano kumele ixazulule izinkinga zangaphakathi ukuze ifezekise izethembiso. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.