I-ANC kuyafana nokuthi izigwaza ngowayo - Thabo Mbeki

2017-10-28 11:00

Johannesburg – Lowo owayengumengameli uThabo Mbeki ugeqe amagula ngesikhathi ethula inkulumo esifundweni sika-OR Tambo ngoLwesihlanu ebusuku, ethi i-ANC ilinyazwa ngamalungu ayo.

Kulesi sifundo, ebesibanjelwe eWits University, uMbeki usole ubuholi bale nhlangano obukhona njengamanje ngokuvumela ukuthi kufadalale lo mbutho.

UMbeki uchaze ngezingqinamba i-ANC eke yadlula kuzona kule minyaka engu-105 yasungulwa, kepha wabalula ukuthi kuzona zonke izingqinamba lezi ezenzeka namhlanje azikaze zibonakale.

"Ngo-1960, i-ANC yabhekana nezinye izinkinga, kepha amalungu enhlangano akwazi ukuhlanganisa amakhanda kwaliwa nalezo zingqinamba. Namhlanje i-ANC ilwa yodwa," esho.

OLUNYE UDABA: 'Amalungu e-ANC ePhalamende ngeke avotele ukugudluza uZuma'

Uphakamise umbuzo wokuthi ngabe uKhongolose unawo yini amalungu anohlonze angakwazi ukubhekana ngqo nezinkinga ezikhungethe le nhlangano ukuze aqinisekise ukuthi i-ANC iyadlula kulobu bunzima.

Labo abathi babukeka kakhulu kuTambo banesikweletu sokuthi bahambe ezinyethelweni zakhe, esho. Ukukhuluma kukaMbeki kuza njengoba lilokhu lehle njalo isasasa le-ANC kubantu bakuleli.

Ngokhetho lwasekhaya lwango-2016, i-ANC yagqemeka ingozi engeqiwa ntwala ngesikhathi ilahlekelwa ngomasipala abathathu abakhulu abaya kwiDemocratic Alliance.

I-ANC iphinde yatheleka ngehlazo kulandela izinsolo zenkohlakalo nokulawulwa koMbuso ngabathile.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.