'I-ANC kuzomele iyicabangisise eyokuqhubeka nokuholwa uZuma'

2017-10-14 08:46

Johannesburg - I-ANC kudingeka iyicabangisise kahle eyokuthi ngabe isafuna yini ukuqhubeka nokuholwa nguMengameli Jacob Zuma kuKhongolose nanjengomengameli wezwe, kusho umakadebona we-ANC uSiphiwe Nyanda.

Ubekhuluma kanje kulandela isinqumo seNkantolo yokuDluliswa kwamaCala sikaZuma ne-NPA sokuthi kuhoxiswe isinqumo sokuthi amacala ayebekwe wona aphinde athweswe wona kabusha, esasikhishwe yiNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng, ePitoli, ngo-2016.

"I-ANC kuzomele ihlale phansi icabange ijule ngokuthi bazoqhubeka kanjani nomengameli obhekene namacala amaningi kakngaka," kusho uNyanda ekhuluma engqungqutheleni yokukhethwa kobuholi bomakadebona be-ANC, e-East Rand, ngoLwesihlanu.

Ucebise uKhongolose ukuthi uyicubungulisise eyokuthi "izoqhubeka kanjani nomengameli okulesi simo".

OLUNYE UDABA: UZuma kumele avele enkantolo ngaphambi kwenkomfa kaDisemba - DA

UNyanda uphinde wanxusa i-NPA ukuba yenze okufanele.

"Kusemahlombe e-NPA ukuba ibhekisise lolu daba. Siyethemba ukuthi i-NPA, okufanele engabe iyisikhungo esizimele, izokwenza okufanele," kusho uNyanda etshela izintatheli.

Ekhuluma kule nkomfa ngasekuqaleni kosuku, uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe ucele izeluleko komakadebona mayelana nendlela eya phambili.

Uthe i-ANC iyadinga ukuhlonyiswa ngamaqhinga okuthi ibhekane kanjani nodaba lokuthweswa kukamengameli amacala enkohlakalo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.