I-ANCWL igxeke imibiko yephephandaba 'ngomuzi kaZuma oseDubai'

2017-06-05 12:30

Cape Town – I-ANC Women’s League isigxeke udaba olushicilelwe yiphephandaba oluthi uMengameli Jacob Zuma wathenga umuzi kanokusho eDubai esizwa umndeni wakwaGupta.

Esitatimendeni esikhishwe ngeSonto ebusuku, i-ANCWL ithe ikhathazekile ngodaba elubone ephephandabeni iSunday Times oluthi uZuma unomuzi kanokusho eDubai, ithi lolu daba luqinisekisa inzondo ekhona ngendlela izintatheli ezibika ngayo.

I-ANCWL ithe ngomhlaka-8 Meyi 8 2016, iCity Press yayihamba phambili ngodaba oluthi abakwaGupta banomuzi kanokusho obiza u-R445m e-L38, khona eDubai.

Ngemuva konyaka, mhlaka-4 Juni 2017, iSunday Times ihambe phambili nayo ngodaba oluthi uZuma unomuzi kanokusho khona eL38, eDubai.

OLUNYE UDABA: Kutholakale izidumbu zishisiwe eGauteng

Uphiko lwabesifazane luthe odabeni lweCity Press, intatheli yabhala kwangathi luyiqiniso lolu daba lomuzi kaZuma eDubai.

Ithi imibiko yeSunday Times ifana ncamashi neyeCity Press, ngamanga.

I-ANCWL ithi iphephandaba abukho ubufakazi elibuvezile odabeni lwalo kanti futhi inhloso yephephandaba ukudayisa kakhulu iphepha nokudukisa umphakathi.

“Siphonsela inselelo iSunday Times ukuba iveze ubufakazi obunjengetatiyela, obuveza ukuthi ngempela le ndawo okukhulunywa ngayo ingekaMengameli.”

- eNCA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.