I-ANCYL eKZN ithi izokweseka uZuma uma sekuthethwa icala

2018-03-22 12:30

Johannesburg - I-African National Congress Youth League (ANCYL) KwaZulu-Natal yethembise ngokweseka lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma uma esevela enkantolo ngamacala enkohlakalo.

Inhloko ye-National Prosecuting Authority (NPA) uShaun Abrahams isanda kumemezela ukuthi uzophinde athweswe kabusha amacala enkohlakalo uZuma.

USihlalo we-ANCYL esifundazweni, uKwazi Mshengu, uthi sebeqalile ukunxenxa abantu ukuba beseke uZuma ngoba umuntu akenacala kuze kube inkantolo emthola enecala.

OLUNYE UDABA: Kukhuthazwa ubumbano kubo bonke abasebenza embonini yezokuvakasha

UMshengu uthi banethemba lokuthi izinkantolo zizolandela umthetho ecaleni, hhayi okwenzeka kwipolitiki.

“Siyasihlonipha isinqumo se-NPA sokubuyisa amacala abhekene noJaocb Zuma. Siyakuqonda ukuthi amandla ezokushushisa akwi-NPA. Banamandla okuthatha isinqumo sokuthi kumele yini umuntu ashushiswe noma cha.”

UMshengu uphinde wathi ukuba yingxenye kukaZuma emikhankasweni ye-ANC ngeke kulingcolise igama lenhlangano.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.