I-ANCYL eThekwini ithi uRamaphosa ufuna ukubukwa ngokukhuluma ngodaba lukaKhwezi noZuma

2017-12-08 12:32

Durban – Kuyishwa ukuthi lowo ogaqele isikhundla sokuba umengameli we-ANC, iPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa, ubone kunesidingo sokusebenzisa udaba lokudlwengula “njengethoyizi lepolitiki”, kusho i-ANC Youth League eThekwini ngoLwesihlanu.

NgoLwesine ebusuku, uRamaphosa uthe, nakuba ekwamukela ukuthi uMengameli Jacob Zuma waphuma phambili ecaleni lokudlwengula uFezekile Kuzwayo – owayaziwa ngoKhwezi – "ungamkholwa uKhwezi".

URamaphosa ubekhuluma emsakazweni i-702 noKarima Brown, obembuze ukuthi wayemkholwa yini uKhwezi.

URamaphosa uthe uyazi ukuthi kunzima ukuba owesifazane akhulume ngokuhlukunyezwa ngokocansi, ngakho ungamkholwa uKhwezi.

OLUNYE UDABA: URamaphosa akaphumeli obala ngokuthi angaba yini yiphini likaDlamini-Zuma

UKhwezi washona ngo-Okthoba 2016.

Okhulumela i-ANCYL eThekwini, uThulisa Ndlela, uthe uphiko lwentsha aluhambisani nesenzo sikaRamaphosa sokusebenzisa icala lokudlwengula ukufuna ukubukwa noma ukuthenjwa.

"Udaba lokudlwengula wudaba olubucayi kuleli lizwe ngakho ukulusebenzisela ukucosha amaphuzu epolitiki kungukudelela izisulu ezidlule kulezi zigameko.”

Uthe i-ANCYL, nakuba idumele ngokushiwo uRamaphosa, akuyimangazanga lokhu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.