I-ANCYL ibambe omunye umbhikisho ngaphandle kwebhange

2017-02-02 14:31

Durban – Idlanzana lamalungu e-ANC Youth League (ANCYL) KwaZulu Natali lihlanganyele ngaphandle kwebhange lakwa-Absa eBallito nalapho lifuna khona ngo dli ukuthi leli bhange libuyise imali.

Leli qeqebana belicula lithi "Awusikhokhele u-Absa" ngaphandle komnyango oyingilazi waleli bhange ngaphakathi kwenxanxathela yezitolo, iBallito Junction, ngoLwesine ekuseni.

Lokhu kudale isixakaxaka njengoba kuye kwavinjelwa amakhasimende abefuna ukusebenzisa imishini yokukhipha imali.

OLUNYE UDABA: I-ANCYL izobhikisha emabhange akwa-Absa ifuna bakhokhe imali yoMbuso

Abanye babathengi abebelangazelele ukwazi ukuthi kwenzakalani bathathe imifanekiso yobekwenzeka ngesikhathi bebukela leli qulu lihlanganyela ngaphandle kwebhange.

Lolu phiko lwentsha lwe-ANC belulokhu luzwakalisa ukungenami selokhu kwaputshuka umbiko woMvikeli woMphakathi nowaphakamisa ukuthi u-Absa ukhokhe u-R2.25 billion okusolwa ukuthi yawuthola ngesikhathi itakulwa uhulumeni wobandlululo.

Kodwa-ke leli bhange liyaphika ukuthi kukhona okungalungile elakwenza laphinde lathi liyasebenzisana nehhovisi loMvikeli woMphakathi ophenyweni.

Ngesonto eledlule amalungu e-ANCYL abhikishe ngaphandle kwegatsha lebhange lakwa-Absa emgwaqeni u-Anton Lembede Street eThekwini, njengengxenye yomkhankaso kazwelonke walolu phiko lwentsha wokugasela ngobuningi emabhange akwa-Absa. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.