I-ANCYL ifuna uhulumeni ulaxaze u-Absa

2017-01-19 10:01

Cape Town – Uphiko lwentsha lwe-ANC, i-ANCYL, luzoqinisa ikhwelo lokunxenxa uhulumeni ukuba ayeke ukubhanga nebhange i-Absa, kusho lolu phiko ngoLwesithathu.

“Sizoqhubeka nokuthatha isinyathelo esiqinile sezepolitiki kanye nemikhankaso eqinile yokuthi uhulumeni akhiphe ama-akhawunti akhe e-Absa, njengoba sibanxenxa ukuthi bakhokhe imali ababambelele kuyona,” kusho okhulumela i-ANCYL, uMlondi Mkhize.

Lolu phiko beluphawula mayelana nokuqukethwe kumbiko woMvikeli woMphakathi oputshuke ngesonto eledlule.

OLUNYE UDABA: Kuputshuke umbiko ngo-R2.25bn owahlonyulwa yibhange ngobandlululo

Ngonyaka ka-2012, lowo owayenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela, waqala uphenyo mayelana nezinsolo zokuthi uhulumeni uyahluleka ukubuyisa izigidigidi zamarandi ezabolekwa ibhange iBankorp uhulumeni wangesikhathi sobandlululo.

U-Absa yiwona owagcina uthenge ibhange iBankorp ngo-1992.

Owangena esikhundleni sikaMadonsela, uBusisiwe Mkhwebane, waqhubeka nalo mbiko nalapho uye waputshuka khona ngesonto eledlule.

Lo mbiko wawuqukethe izincomo zokuthi u-Absa abuyisele imali engu-R2.25bn. Kodwa-ke leli bhange ngoLwesihlanu lithe lokhu akwamukelekile.

I-ANCYL ithi lokhu kunikwa kuka-Absa lezi zimali kuyisibonelo “sokutatshwa kwezinsiza zikahulumeni ngongxiwa abamhlophe” ngezinsuku zohulumeni wobandlululo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.