I-ANCYL ifuna uhulumeni wesifundazwe unxephezele umndeni kaKomape

2018-04-24 09:36

Johannesburg - I-ANC Youth League (ANCYL) eLimpopo iphakamise ukuba uhulumeni wesifundazwe unxephezele umndeni kaMichael Komape, nakuba isicelo ebesifakwe enkantolo sokuba umndeni unxeshezelwe ngo-R2m sichithiwe.

UKomape, 5, waphoseka ethoyilethe lomgodi eMahlodumela Primary School, ngaphandle kwasePolokwane, eminyakeni emine eyedlule.  

INkantolo eNkulu eLimpopo, ePolokwane, isichithile isicelo sokuba unxeshezelwe umndeni kaKomape ngoMsombuluko, kunalokho, iyalele ukuba izingane zakubo ezimbili zikhokhelwe u-R6 000 ngayinye wezindleko zezempilo.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN isikulungele ukuya okhethweni

Nakuba kunjalo, i-ANCYL League esitatimendeni ithe uNdunankulu Stan Mathabatha kanye noNgqongqoshe wezeMfundo u-Ishmael Kgetjepe kumele babukele kokwenzeka esigcawini sokuxazulula udaba lwaseLife Esidimeni.

Esigcawini, lowo owayeyiphini lenhloko yamajaji uDikgang Moseneke wanquma ukuba kushaye uJune 19 imindeni yeziguli ezashona isinxeshezeliwe ngemali engu-R1m umndeni ngamunye.

"UMichael Komape waya esikoleni njengazo zonke ezinye izingane zabantu abanmyama kodwa wangabuya ngenxa yobudedengu bukahulumeni oholwa yi-ANC, kanti futhi nemali engu-R400 000 ephakanyiswe nguhulumeni waseLimpopo ukuba kunxeshezelwe ngayo umndeni incane kakhulu ukuba ingesula izinyembezi zomndeni kaKomape,” kusho uBaloyi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.