I-ANCYL igxeka labo abaphikisana nokuguqulwa kweKhabhinethi

2017-10-18 18:01

Cape Town – Kulandela izinguquko zakamuva ezenziwe nguMengameli Jacob Zuma, i-ANC Youth League isigxeke uNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe yaphinde yamukela ukuxoshwa kukaBlade Nzimande.

UMantashe kukholakala ukuthi weseka iSekela likaMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi athathe izintambo kuZuma.

"I-African National Congress Youth League iyakwamukela ukuguqulwa kweKhabhinethi okwenziwe uMengameli Zuma," kusho okhulumela i-ANCYL uMlondi Mkhize, esitatimendeni esikhishwe ngoLwesithathu.

UMkhize uthi i-ANCYL "lokhu kuguqulwa kweKhabhinethi kuhambisana nendlela iminyango kahulumeni ebisebenza ngayo".

OLUNYE UDABA: UZuma wenze izinguquko kwiKhabhinethi

Esikhaleni sikaNzimande kungene uHlengiwe Mkhize, kwathi uButi Manamela wasuswa eHhovisi likaMengameli waba yiSekela likaNgqongqoshe wezeMfuno ePhakeme nokuQeqeshwa.

Lesi sikhala okungene kuso uManamela sasala singenamuntu kulandela ukusula kukaMduduzi Manana.

"I-ANCYL iyazamukela lezi zinguquko ngethemba lokuthi ongqongqoshe abasha kanye namasekela azokwenza umsebenzi osheshayo mayelana nokuthi kutholakale imfundo yamahhala kulabo abaswele," kusho uMkhize.

Uthe i-ANCYL icela bonke labo abangenelisekile ngalolu guquko ukuthi bayeke ukulokhu benza ukuphawula okungasile ngenhloso yokuzama ukudala uqhekeko phakathi kukaZuma ne-SACP.

UMkhize uthe ukuphawula kukaSolly Mapaila aluwusizi ngalutho umbimbi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.