I-ANCYL 'iphoxekile' ngeKhabhinethi elisha likaRamaphosa

2018-02-27 16:01

Johannesburg – I-ANC Youth League ithi iphoxekile ngeKhabhinethi elisha likaMengameli Cyril Ramaphosa, ngoba ubavalele ngaphandle abantu abasha.

URamaphosa wethule isimemezelo ngoMsombuluko ebusuku mayelana nezinguquko kwiKhabhinethi, kulokhu kubandakanya nokushaya ibuya kwababengongqongqoshe phambilini oPravin Gordhan, Nhlanhla Nene noBlade Nzimande.

Isekela lakhe umemezele ukuthi kuzoba nguDavid "DD" Mabuza.

OLUNYE UDABA: URamaphosa wenze izinguquko kwiKhabhinethi

Yize uRamaphosa ebafake amasondo ongqongqoshe abaningi abayamaniswa ne-state capture - okwasolwa umndeni wakwaGupta ngokuba nesandla ezinqumweni ezinkulu ezazithathwa yilowo owayengumengameli uJacob Zuma - akamxoshanga lowo owake waba ngumengameli wophiko lwentsha.

URamaphosa uphindisele uMalusi Gigaba [osolwa yi-EFF ngokuba ngubhongoza kolokubanjwa koMbuso ngobhongwane] eMnyangweni wezaseKhaya, kepha lokho akuyenelisanga i-ANCYL.

"Siphoxeke kakhulu ngezinguquko ezenziwe, kuyatshengisa ukuthi belingacatshangelwa ikusasa," kusho uNobhala Jikelele we-ANCYL uNjabulo Nzuza.

Utshele iNews24 ukuthi abantu abasha kumele bazwiswe izinselelo ezihambisana nokuba ngabaholi bezwe, wathi uRamaphosa ubancishile lelo thuba.

"Akukadluli sikhathi esingakanani kade sijabulela ukungena kobuholi obusha be-ANC," kusho uNzuza.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.