I-ANCYL isabisa ngokuvala wonke amagatsha ebhange i-Absa

2017-03-16 11:06

Durban - Uphiko lwentsha ku-ANC esifundeni iMoses Mabhida isisabise ngokuvala wonke amagatsha ebhange lakwa-Absa ngomhlaka 25 kwephezulu uma kungukuthi abayitholi impendulo mayelana nemali abafuna ikhokhwe  ileli bhange.

Izinkumbi zabalandeli bale nhlangano bamashele kwigatsha lakwa-ABSA eliku-Church Street ngoLwesithathu eMgungundlovu ngenhloso  yokuphazamisa ukusebenza kwansuku zonke.

UNobhala  wale nhlangano esifundazweni uMnu  Thanduxolo Sabela ekhuluma nezinkumbi zabalandeli ngaphandle kwalelibhange,  uthe lo mkhankaso owokuthi leli bhange kumele likhokhe imali osekuvele ukuthi liyayikhwabanisa.

OLUNYE UDABA:Ibhange lixwayisa amakhasimende ngokuphazamiseka kokusebenza

“Sisanda kuwuqala  lo mkhankaso  kodwa sisazoqhubeka . Sizovala wonke amagatsha alelibhange ngomhlaka 25 uma singayitholi impendulo ngale mali. Sizowavala wonke amagatsha ngezinsuku ezithize,”kusho yena.

 USabela uqhubeke wathi  le izosiza ukuthi kukwazeke ukutholakala imfundo yamahhala, isize ukuthuthukisa umnotho kuvuleke namathuba emisebenzi kuqashwe intsha,” kubeka uSabela.

UNobhala  wesifunda iMoses Mabhida  uThembinkosi Zondi uthe le mashi bekuyindlela abathumela ngayo umyalezo ukuthi bayayifuna le mali ekuthiwa ikhwabaniswe ileli bhange.

Uthe enye into futhi ukuthi bebefuna kwazisa umphakathi ukuthi leli bhange likhwabanisa izimali zabantu, kubika i-Eyethu KZN.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.