I-ANCYL ithi abe-Save SA ‘yizimpisi ezimbhethe isikhumba semvu’

2016-11-04 16:01

Johannesburg – Uphiko lwentsha lwe-ANC, i-ANCYL eGauteng selugxeke abomkhankaso we-Save SA, lathi abaholi bawo basenze okuncane kakhulu ukufukula abantu abahluphekayo ezweni.

NgoLwesine, lolu phiko luthe “kunokuhlaselwa okuhleliwe” okumelele ne-ANC “okuholwa osomabhizinisi abamhlophe”.

USihlalo we-ANC, esifundazweni, uMatome Chiloane, uthi iyamangaza indlela abezinkampani ezizimele asebenza ngayo mumva nje ekubeni kade babencengwa ukuze kuthuthukiswe izwe kwezomnotho kanye nokuthuthukisa amakhono.

OLUNYE UDABA: I-ANCYL isigxeke uNgqongqoshe ngokuzenza uJesu

UChiloane ugxeke iningi losomabhizinisi abayingxenye yomkhankaso iSave SA, ngokufaka izimali emaqenjini aphikisayo kanye nokusebenzisa izinkampani zabo zezindaba ukuhubhuza amanga ngoKhongolose.

“Kuze kube yinamhlanje ukubancenga kuyaqhubeka ukuze basize uhulumeni akhokhele imfundo yamahhala,’ kuqhuba lo mholi.

Uthi “lezi zimpisi ezimbhethe isikhumba semvu” kumele zenze njengokukhuluma kwazo, zikhokhele imfundo yamahhala entsheni nokuthi bathuthukise osomabhizinisi abamnyama. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.