I-ANCYL ixwayise UMapaila ngokuphawula kwakhe ngoZuma

2017-10-19 09:30

Johannesburg – I-ANC Youth League ixwayise uSolly Mapaila weSACP ngendlela akhuluma ngayo emphakathini.

Iphini lokuqala likanobhala jikelele wamaKhomanisi lithe isinqumo sikaMengameli Jacob Zuma sokwenza izinguquko kwiKhabhinethi kuhloswe ngaso ukuqala ‘impi’ ne-SACP.

UPhiko lweNtsha luthi okushiwo uMapaila akuwasizi ngalutho amadlelandawonye.

“Isimo sobudlelwane bamadlelandawonye sihlala siguquka, siba sihle sibuye sibhede kuye ngokuthi kwenzakalani ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: Lutholakale luphika usana olugqitshwe lunezinsuku ezintathu luzelwe

“Akumele lokhu kubesengathi kusha nokuthi kufike noMengameli Jacob Zuma,” kusho uMlondi Mkhize, okhulumela i-ANCYL.

UPhiko lweNtsha luxwayise uSolly Mapaila, lwathi indlela enza ngayo, nezinto azikhulumayo azibusizi ubudlelwane bamadlelandawonye.

Akwenzayo kwakha isithombe sokuthi inhlangano ngekaBlade Nzimande, ngakho uma ucasula uBlade Nzimande, inhlangano yonke iyavungama.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.