I-Arrows ithembisa ukuphepha kwabalandeli emdlalweni wayo neChiefs

2018-04-24 14:02

Cape Town - IGolden Arrows isiqinisekise ukuphepha kwabalandeli ngokuthi iqinise ezokuphepha ngaphambi komdlalo wayo we-Absa Premiership neKaizer Chiefs ePrincess Magogo Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Abafana Bes'thende bazokwamukela iChiefs emdlalweni wayo wokuqala kulandela izigameko zodlame ezenzeke eMoses Mabhida Stadium ngesikhathi lezi zinkunzi zaseSoweto ziguqiswa ngo-2-0 yiFree State Stars koweNedbank Cup.

"Siyethembisa ukuthi abalandeli bazobe bephephile," kusho lowo ongumxhumanisi wekilabhu nabezindaba kwi-Arrows, uVusi Vilakazi.

"Njengoba uSihlalo we-PSL u-Irvin Khoza eshilo, kungaba ngcono uma amaphoyisa engasebenzisana nathi ngokugcwele.

OLUNYE UDABA: I-SAFA inxusa umphakathi ukuba usize kutholakale 'izixhwanguxhwangu' kolwaseMoses Mabhida

"Lowo ongumphathi enkundleni useqinisekise ukuthi azobe enkanisile amaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi abantu baphephile."

Ngemuva kokuthola ukugxekwa nguKhoza ngokungajutshwa kwabantu abawufundele umsebenzi kanye nokungabonakali kwamaphoyisa enele ezinkundleni athe nakho kube nomthelela ezigigaba zangoMgqibelo, uVikalazi wethembise ngokuthi kulo mdlalo kuzoba noguquko.

"Zizobe ziqine kakhulu ezokuphepha namhlanje. Isibalo samaphoyisa nonogada sizobe siphezulu ngenxa yokubonakale eMoses Mabhida Stadium."

Umdlalo uzoqala ngo-19:30.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.