I-AU yeseka uDlamini-Zuma kwesokuba ngumengameli

2017-02-01 10:01

Addis Ababa – Abaholi be-African Union Commission (AU) sebevalelise obenguSihlalo wayo, uNkosazana Dlamini-Zuma, ngokuthi bamesekele ukuthi adle umhlanganiso ukuze agcine esenguMengameli olandelayo waseNingizimu Afrika.

Enkulumweni yakhe yokuvala ukuvezile ukuthi ufuna ukuqhubeka nomsebenzii wakhe ezwenikazi i-Afrika, wathi “uzoqhubeka nokuba yisosha elilwela izinhloso zase-Afrika”.

OLUNYE UDABA: ‘Umengameli Zuma ufuna ukufaka uDlamini-Zuma kwesikaGordhan’

Ihlandla likaDlamini-Zuma njengoSihlalo we-AU Commission liphele engqungqutheleni ye-AU ephothulwe ngoLwesibili njengoba uNgqongqoshe wezangaPhandle eChad , uMoussa Faki Mahamat, eqokwe ukuba athathe izintambo kuyena.

UMengameli waseGhana, uNana Akufo-Addo, ubonge kakhulu uDlamini-Zuma ngomsebenzi awenzele abesifazane, wabe esethi angaba (uDlamini-Zuma) uMengameli wesibili wesifazane e-Afrika uma iNingizimu Afrika imvotela.

Ngaphezu kwalokho noMengameli weseGuinea, u-Alpha Conde naye ugcizelele ukuthi uDlamini-Zuma angaba umengameli olandelayo wakuleli.

UDlamini-Zuma naye uncome ngokukhethekile uMengameli waseLiberia osephuma, u-Ellen Johnson-Sirleaf, ngokuba uMengameli wokuqala wesifazane ongene ngevoti e-Afrika.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.