I-BLF ifunge yagomela ngokuvulela owe-ANC icala 'oshaye' ugogo

2018-02-07 09:35

Johannesburg - Ugogo oshaywe ngaphandle kwaseLuthuli House ngoMsombuluko sangeniswa esibhedlela kulandela isigameko sokushaywa kanzima.

Lo gogo olimale ezimbanjeni futhi okusolwa ukuthi wophele ngaphakathi kuthiwa igama lakhe ngu-Olivia Makete

UMekete oneminyaka ebalelwa kweko-60 ubudala unabazukulu abathathu.

Okhulumela iqembu iBlack First Land First (BLF) uTshidi Tshimong utshele iDaily Sun izolo ukuthi uMakete uyilungu lenhlangano. Uthe uMakete bazomumangalela umsolwa.

OLUNYE UDABA:Owesimame oshaywa ngowe-ANC 'ubengeyona ingxenye' yabebemashela eLuthuli House

Lokhu kuza ngemuva kokuba ilungu le-ANC uThabiso Setona, ongunobhala wegatsha eliseGoli, libonakale likhahlela lo gogo. UMakete wadonswa eselolini.

Amalungu e-ANC ayebhikisha emelene ne-BLF, eyadlulisa izikhalo zayo ngokuba uMengameli Jacob Zuma ayekwe aze aqede ihlandla lakhe engumengameli.

USetona uzinikele emaphoyiseni aseGoli ngoMsombuluko kodwa wadedelwa izolo njengoba lo gogo ubengakalivuli icala.

I-ANC isimise uSetona eqenjini.

UTshimong uthe mahlanu amalungu e-BLF alimalile.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi uSizakele Nkosi-Malobane utshele iDaily Sun ukuthi: "Ukhathazekile ngale ndlela yokuziphatha kwabantu nokuthi lesi sigameko senzeke kubuka umphakathi namaphoyisa imbala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.