I-Cosatu yeseka uRamaphosa kwesikaMengameli we-ANC

2016-11-24 13:29

Johannesburg – Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi, iCosatu, usuphumele obala waseka uSekela Mengameli, uCyril Ramaphosa, ukuba athathe izintambo zokuba nguMengameli olandelayo wenhlangano ebusayo, i-ANC.

“Ngemuva kwenkulumompikiswano ebiqinile futhi ebishubile, i-CEC [Central Executive Committee] inqume ukweseka ukukhankasela nokunxenxa ukuthi uSekela Mengameli we-ANC, uComrade Cyril Ramaphosa, athathe izintambo njengomengameli olandelayo we-ANC,” uNobhala Jikelele weCosatu, uBheki Ntshalintshali, utshele izintatheli esithangamini sabezindaba ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Iqembu le-ANC alidayisi - Ramaphosa

Lo mfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi ufuna i-ANC igweme ingqungquthela yokukhetha ubuholi enombango ngonyaka ozayo.

Njengamanje uRamaphosa unguSekela Mengameli wezwe aphinde abe nguSekela Mengameli we-ANC.

Uma egcina eqokwe njengoMengameli waleli qembu elibusayo angaba sethubeni lokuthi agcine enguMengameli wezwe ngonyaka ka-2019 uma i-ANC inqoba ukhetho lukazwelonke.

Lesi sitatimende seCosatu siza njengoba lilokhu likhule njalo ikhwela lezinhlangano ezihlukene, okubalwa namanye amalungu e-ANC, anxusa ukuba uMengameli Jacob Zuma ehle esihlalweni njengoMengameli wezwe. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.