I-DA eKZN ifuna kuphenywe ukuthi baxwayiswa yini abantu ngesiphepho

2017-10-16 12:31

Durban – IDemocratic Alliance esifundazweni iKwaZulu-Natal ifuna uhulumeni aphenye ukuthi kwakukhona yini okwakungenziwa ukugwema ukushona kwabantu ngesikhathi kuhlasela isiphepho esifundazweni ngeledlule.

"Kudingeka uphenyo olunzulu ngokushesha futhi i-DA izolokhu imile ekutheni kumele aphekwe ngemibuzo uNgqongqoshe kanye nezikhulu eziphezulu.

"Ikakhulukazi, kuzomele kutholakale ukuthi kwakukhona yini okwakungenziwa ngaphambi kokuba isiphepho sifike, kugcine kugwemekile ukushona kwabantu,” kusho ilungu le-DA eSishayamthetho, uHlanganani Gumbi, ngoMsombuluko.

UGumbi uthe ubhalele uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uNomusa Dube-Ncube noMnyango wakhe, ecela umbiko ngezinhlelo zethimba lezinhlekelele zokuxwayisa ngokushesha abantu esifundazweni.

OLUNYE UDABA: Uvale ngentombazane ebulawe yashiswa eFolweni

"Iningi lezakhamuzi kufike isiphepho zingalindele. Kubalulekile ukuba kuthathwe izinyathelo ukuqinisekisa ukuthi okwenzeka akuphindeki ngokuzayo, njengoba abantu baseThekwini bengene engozini ngenxa yokwehluleka kukahulumeni ukubaxwayisa.”

UGumbi usishayele ihlombe isinqumo seKhabhinethi lesifundazwe sokuba isifundazwe sithathwe njengendawo yenhlekelele kulandela isiphepho.

"Lesi sinqumo sizokwenza ukuba kutholakale ezinye izimali kuhulumeni kazwelonke ukuze kusizakale abantu abaningi abakhahlanyezwe yilesi simo.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.