I-DA emizamweni yokukhokhisa uJacob Zuma imali ebalelwa ku-R15m

2018-03-14 19:29

Johannesburg - Umholi weDemocratic Alliance (DA) uMmusi Maimane uthi inhlangano yakhe isiqalise izinhlelo zomthetho ukuqinisekisa ukuthi lowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma uyayikhokha imali engu-R15 million ayisebenzisa ukukhokhela izindleko zamacala akhe.

Umholi we-DA uMmusi Maimane utshele abezindaba ePhalamende eKapa ngoLwesithathu ukuthi isivumelwano phakathi kukaZuma noMengameli Cyril Ramaphosa sokuba uMbuso ukhokhele uZuma izindleko zecala kumele sidalulwe emphakathini.

“Sithole isiqinisekiso sokuthi uZuma wasebenzisa imali engaphezu kuka-R15-million yabakhokhi bentela emacaleni akhe,” esho.

Ubekhuluma ngecala lenkohlakalo lango-2000, ngaphambi kokuba uZuma abengumengameli wezwe, nokuyicala elagcina lingathethwanga kulandela ukuhoxiswa kwalo yi-NPA.

OLUNYE UDABA: I-ANC iphakamise abesifazane ezikhundleni zokuba ngoNduunankulu

UMaimane uthi le mali yasetshenziswa kungafanele, ngoba yayisetshenziselwa emacaleni akhe ngqo uZuma, engakabi uMengameli wezwe.

Emaphepheni afakwe enkantolo, i-DA inemibuzo futhi ngokuthi kungani uZuma asebenzisa ummeli wakhe, uMichael Hulley‚ kunokuba asebenzise ummeli woMbuso.

Iphinde yanemibuzo ngesivumelwano okuthiwa senziwa phakathi kukaZuma nalowo owayenguMengameli wezwe uThabo Mbeki, sokuthi uzokhokhelwa nguMbuso izindleko zecala uma kwenzeke limgojela.

“Sifuna ukusibona lesi sivumelwano, uma sikhona, sifuna nokubona ukuthi kwakwenzenjani kuze kufinyelelwe kusona,” kusho uMaimane.

Uthi uma i-DA isinayo yonke imininingwane, izobabela enkantolo ifune ukuba uZuma ayibuyise imali.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.