I-DA ibekele iMultiChoice umqamulajuqu wamahora angu-48 ngoluthinta isivumelwano ne-ANN7

2017-11-27 14:01

Johannesburg - IDemocratic Alliance (DA) ifuna iMultiChoice iveze esidlangalaleni imininingwane yenkontileka enayo nesiteshi sikamabonakude i-ANN7.

Lokhu kungemuva kokuvela kwemibiko ngezimali ezingaqondakali ezakhokhwa yi-MultiChoice ikhokhela i-ANN7, kanye neqhaza likalowo owayenguNgqongqoshe wezokuXhumana uFaith Muthambi kulolu daba.

I-DA ithi lolu daba izoludlulisela kwi-Independent Communications Authority of South Africa uma nje iMultiChoice kuphela amahora angu-48 ingayivezi imininingwane.

UPhumzile van Damme we-DA uthi uma kungekho okushaya amanzi ngenkontileka yeMultiChoice ne-ANN7, akumele kube yinkinga ukuvezela umphakathi imiqulu enemininingwane ngayo inkontileka.

OLUNYE UDABA: Abasebenzi bakwaMango bangenele isiteleka

I-Economic Freedom Fighters yona imemezele ukuthi udaba lweMultiChoice izolubika kwiCompetition Commission ukuze yenze uphenyo mayelana nokuthi le nkampani yabanesandla kanjani ngesikhathi kwenziwa umgomo ngama-set-top boxes ukuze uzovuna "yona" kanye neqhaza likaMuthambi kulona lonke lolu daba.

Ngesonto eledlule kuvele izinsolo zokuthi iMultiChoice yakhokhela i-ANN7 imali engu-R25 million, okungaziwa ukuthi ngeyani.

Ngokwama-email akamuva ethinta umndeni wakwaGupta, iMultiChoice yaphinde yenyusa imali eyikhokhela lesi siteshi sikamabonakude ngonyaka, isuka ku-R50 million yayofinyelela ngaphezu kuka-R140 million.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.