I-DA ifuna asishiye ngokushesha isikhundla owe-NPA

2017-12-09 12:08

Johannesburg – I-Democratic Alliance (DA) ifuna inhloko ye-NPA, uShaun Abrahams, yehle esikhundleni, kulandela isinqumo seNkantolo eNkulu eNorth Gauteng ngoLwesihlanu, ethe ukuqokwa kwakhe kuphambene nomthetho.

I-DA ikusho lokhu nakuba uMengameli Jacob Zuma ememezele ukuthi ufuna ukusidlulisela phambili lesi sinqumo.

INkantolo eNkulu ePretoria ngoLwesihlanu ekuseni ikhiphe isinqumo ngesicelo esafakwa yizinhlangano zomphakathi ezaziphikisana nemali engu-R17.3m uZuma ayikhokhela owayeyisikhulu se-NPA uMxolisi Nxasana ukuze ehle esikhundleni sakhe.

Esikhundleni sikaNxasana kwabe sekuqokwa u-Abrahams.

UMengameli wamaJaji eGauteng uDunstan Mlambo uthe ngeke kwalunga ukuba uNxasana abuyiselwe esikhundleni ngenxa yokuthi kunamacala enkohlakalo asapheywa ngawo, noZuma futhi ngeke akwazi ukuqoka inhloko entsha ngenxa yokuthi uyathinteka kulolu daba ngakho kumele kube yiPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa elenza umsebenzi wokuqoka inhloko entsha.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uthi ayiphele eyamaphoyisa acasha ezihlahleni

Inkantolo iyalele uRamaphosa ukuba aqoke inhloko entsha ye-NPA zingakapheli izinsuku ezingu-60.

Esitatimendeni, ihhovisi likaMengameli lithe nakuba isinqumo lingakasifundi sonke, umengameli welulekwe ngokuthi inkantolo engaphezulu kwalena ingase iphume nesinqumo esehlukile.

Nakuba kunjalo, i-DA ithi akaphume esikhundleni ngokushesha u-Abrahams.

Umholi we-DA uMmusi Maimane esitatimendeni uthe u-Abrahams kumele aphume ngokushesha esikhundleni ukuze kungene umuntu ozokwenza umsebenzi ngendlela efanele. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.