I-DA ifuna kuphenywe iDeloittes ngokuqhubeka eSteinhoff

2017-12-08 16:00

eGoli - Iqembu lezepolitiki eNingizimu Afrika iDemocratic Alliance (DA) lithe kumele kuphenywe inkampani iDeloittes, okuyinkampani egcina amabhuku enkampani iSteinhoff, esolwa ngenkohlakalo.

"Ukusula esikhundleni kukaMarkus Jooste, oyisikhulu esiphezulu enkampanini iSteinhoff International Holdings NV, kanye nokumenyezelwa kokungacaci kahle kwamabhuku ale nkampani kumele kuphenywe.

"Lokhu kuthathwa njengehlazo elikhulukazi enkampanini enkulu kangaka kuleli," kusho uDavid Maynier weDA ngesitatimende.

UMaynier uqhubeke wathi bakhathazekile ngokuthi inkampani okuyiyona ecwaninga amabhuku, iDeloitte DV ezinze eGermany, kungenzeka ukuthi mhlawumbe kudala iyishalazela le nkinga eqhubeka eSteinhoff.

OLUNYE UDABA: IDA igxeke isinqumo se-Sadtu ezikoleni zaseGoli

Uthe ucele inkampani ephenya ngezimo zomnotho iDutch Authority nokuyiyona elawula izinkampani ezigcina amabhuku eGermany kanye ne-Independent Regulatory Board of Auditors elapha eNingizimu Afrika ukuba baphenye iDeloitte eGermany noma kuleli.

"Kumele silwisane nobugebengu kuhulumeni futhi siqinise isandla ebugebengwini bezinkampani ezizimele, yingakho sizoqinisekisa ukuthi lolu daba luyaphenyisiswa," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.