I-DA ifuna uNdunankulu waseGauteng aqashe uThuli Madonsela

2017-02-07 08:03

Gauteng - Iqembu lezombusazwe iDA lifuna uNdunankulu waseGauteng uDavid Makhura kanye noNgqqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi baqashe owayenguMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela.

Leli qembu lithi kudingeka umuntu owaziwayo nothenjwayo ozoqinisekisa ukuthi imindeni yeziguli ezishonile inxeshezelwa ngendlela efanelekile.

Okhulumela le nhlangano kulesi sifundazwenu Jack Bloom uthe: “I-Democratic Alliance iyakweseka lokhu kanti futhi kuzoba yisinqumo esisheshayo nesizosiza kugwemeke inqubo ende okumele ilandelwe.

"Sikholwa wukuthi u-Advocate Thuli Madonsela unegunya futhi wesekwa ngokwanele ukuthi angayisiza lemindeni inxeshezelwe ngendlela efanele.”

OLUNYE UDABA:Ugaqele esokuhola iDA owayenguKhomishana wamaPhoyisa

Lokhu kulandela umbiko mayelana nokushona kweziguli ezingu-94 ezikhungweni ezizimele zabanakekela ababhazamisekile engqondweni, kubika iCitizen.

Lo mbiko wakhishwa oyi-Health Ombudsman uPhrofesa Malegapuru Makgoba lapha aphakamise ukuthi uMakhura kanye noMotsoaledi kumele baxhumane nayo yonke imindeni ethintekayo.

Yiwo kanye lo mbiko obuye waphakamisa ukuthi asole esikhundleni sakhe uNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni saseGauteng uQedani Mahlangu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.