I-DA igxeka ese-ANC

2017-08-13 17:28

Durban - Iqembu eliphikisayo KwaZulu-Natal, iDemocratic Alliance (DA), lithi lifuna kuphenywe ngokukhankaselwa udede kukaNkk Nkosazana Dlamini-Zuma emcimbini wePhalamende labesifazane obuseMondlo, eVryheid enyakatho yesifundazwe.

Leli qembu lithi okwenzeke kulo mcimbi kukhombise okukhulu ukwedelela abavoti njengoba bekuwumcimbi kahulumeni kodwa waphendulwa inkundla yokukhankaselwa kukaNkosazana Dlamini-Zuma ukuba athathe izintambo zokuhola i-African National Congress (ANC) uma sekuphuma uMengameli Jacob Zuma njengoba kuzoba nengqungquthela yayo i-ANC yokukhetha ubuholi ngoDisemba.

OLUNYE UDABA:UDlamini-Zuma ucele abamesekayo ukuba baqinisekise ukuthi uyena ozohola i-ANC

Umholi we-DA eSishayamthetho saKwaZulu-Natal, uFrancois Rodgers, uthi lo mcimbi bekumele kube ngowokubum=ngaza abesifazane kodwa i-ANC iwuphendule inkundla yokukhankasa njengoba bekunezingqwmbe ezigcwele izithombe zikaDlamini-Zuma.

"IDA ishaqekile ngalesi senzo esenzeke kukhona uNdunankulu uWillies Mchunu nezinye izikhulu eziphezulu ze-ANC esiShayamthetho.

"Kuyihlazo ukuthi i-ANC ingasebenzisa amandla ayo ngale ndlela," kusho uRodgers.

 - Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA LangeSonto. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.