I-DA ikhathazekile ngeziguli zaseLife Esidimeni ezingakatholakali

2018-03-14 18:00

Johannesburg - IDemocratic Alliance (DA) isizwakalise ukukhathazeka ngokuhamba kancane kwemizamo yokuthola iziguli ezingu-44 ezingakatholakali zaseLife Esidimeni.

OwezeMpilo kwi-DA uJack Bloom uthi lowo owayengungqongqoshe wezempilo eGauteng uGwen Ramakgopa wavuma ukuthi kuneziguli ezingu-44 ezingakatholakali.

“Ngokusho kukaRamokgopa, iziguli ezingu-30 kwakumele ziyiswe ezikhungweni zezinhlangano ezizimele, eziyisithupha emindenini yazo, ezinhlanu eCullinan Care Centre, esisodwa eWeskoppies Hospital kanti akwaziwa ukuthi ezinye ezimbili kwakumele ziyiswe kuphi,” kusho uBloom esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele umfundi ogwaze omunye esikoleni

“Amagama eziguli ezintathu awaziwa kanti awezinye ezine awaphelele.”

UBloom uthi uRamokgopa wenqaba ukuphendula umbono wabo wokuthi kumele kukhishwe izithombe zabadukile ukuze bezotholakala.

UBloom unokwesabela ukuthi ayakhula amathuba okuba lezi ziguli zingabe zisatholakala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.