I-DA inqumele umholi ugwayi katiki

2017-12-15 09:33

Cape Town - UPatricia de Lille usebekelwe kuze kushaye uMsombuluko ukuba achaze ukuthi kungani kungamele esule esikhundleni sokuba yimeya.

Amahlebezi aqale ukusabalala ngoLwesine kanti ukuqinisekise yena kwiCape Argus ukuthi uthole incwadi ephuma esigungwini esiphezulu seDA simcela ukuba ehle esikhundleni noma abeke izizathu zokuthi kungani kumele agcinwe kulesi sikhundla.

Okhulumela uDe Lille, uZara Nicholson, utshele iphephandaba ukuthi: “Imeya iyibonile imibiko nokushiwoyo. Naye uyitholile incwadi ephuma eqenjini. Okwamanje usaxoxisana nabameli bakhe. Uma esekhulumile nabo, uzokhuluma ngalolu daba emphakathini.”

OLUNYE UDABA: Umnyango usavuliwe kumalungu ashiya i-ANC  - Mbete

UPhumzile Van Damme oyilungu le-DA ePhalamende uthe esitatimendeni, lesi sinqumo i-DA isithathe ngemuva kokuthola ukuthi kunezinselelo ezinkulu kwikhokhasi ye-DA eKapa, ezinomthelela ongemuhle emizameni yokusebenzela abantu bakuleli dolobha ngendlela efanele.

I-DA ithe iphinde yammisa emisebenzini yonke yalo.

Umthombo ongaphakathi kwi-DA kubikwa ukuthi udalule ukuthi incwadi efana nale iphinde yathunyelelwa nosotshwebhu we-DA emkhandlwini, uShaun August, nakuSomlomo uDirk Smit.

Bebuzwa laba ngamahlebezi, abafunanga ukuphawula noma ukucacisa.

- Cape Argus

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.