I-DA iqembukelene ngesiphakamiso

2017-08-14 14:00

Durban - Ahlukene phakathi amalungu eDemocratic Alliance (DA) mayelana nesiphakamiso somholi weqembu, uMmusi Maimane, sokuba kuhlakazwe iPhalamende.

Esigcawini sabezindaba ngeledlule, uMnu Maimane, umemezele ukuthi bazophakamisa ukuba lihlakazwe iPhlamende ngemuva kokungaphumeleli kwesiphakamiso sokungamethembi uMengameli Jacob Zuma.

NgoLwesihlanu iDA ifake isiphakamiso ePhalamende njengoba kulideleke ukuba kube nenkulumompikiwano ngaso.

Amanye amaqembu aphikisayo okubalwa i-EFF, UDM, iCope kanye ne-IFP, alibeke ngembaba elokuthi ngeke ahambisane nalesi siphakamiso.

Ngokuthola kweLANGA, amalungu esigungu esiphezulu seDA ashaqekile ngesikhathi uMnu Maimane noSotswebhu waleli qembu, uMnu John Steenhuizen, bememezela isiphakamiso sokuhlakaza iPhalamende, okwenze kwadaleka uqhekeko kuleli qembu.

Elinye ilungu lesigugu esiphezulu – elingathandanga ukudalulwa – lithe okwenziwe uMnu Maimane kubethusile kakhulu njengoba bengakaze bakudingide njengeqembu.

OLUNYE UDABA: Kushone umfana kwesokudubula eKapa

“Kangifuni ukuqamba amanga, sibaningi esishaqekile eqenjini ngokushiwo umholi wethu. Bekungamele ajahe ukukhuluma emphakathini singakaludingidi lolu daba ngoba ukuhlakaza iPhalamende kakusiyona into elula.

“Kuningi okumele sikucubungule ngaphambi kokuba sifike esinqumeni ngalolu hlobo,” kusho leli lungu.

Lithi emhlanganweni olandelayo weqembu bazokudingida okwenziwe uMaimane. Liphinde lathi njengoba lesi siphakamiso sifakwe ngumholi wabo ePhalamende bazophoqeleka ukuba basivikele.

Khonamanjalo, iphephandaba iSunday Times libike ukuthi kunamanye amalungu ayisithupha ekhokhasi yeDA akhala esifanayo njengoba ethi nawo kawaziswanga ngalesi siphakamiso sikaMaimane.

Okhulumela iDA uPhumzile Van Damme, uthe akukho azokuphawula ngaphambi kokuba avale ucingo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.