I-DA isibheke ngabomvu isinqumo ngokushushiswa kukaZuma

2018-03-16 14:00

Johannesburg - IDemocratic Alliance (DA) ithi ngeke yamukele lutho ngaphandle kokubuyiselwa kwamacala ayebhekene nalowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma.

I-DA ithi isibheke ngabomvu isinqumo senhloko ye-NPA, uShaun Abrahams, ngalolu daba.

NgoLwesithathu, u-Abrahams utshele iPhalamende ukuthi usekulungele ukuthatha isinqumo ngalolu daba, kodwa uzoqala ngokwazisa uZuma ngaphambi kokusimemezela emphakathini.

OLUNYE UDABA: Sizomenyezelwa namhlanje isinqumo ngokushushiswa kukaZuma

Okhulumela i-DA kwezomthetho, uGlennis Breytenbach, uthi i-NPA isiphelelwe amaqhinga okubambezela lolu daba obesekuphele iminyaka engaphezu kwengu-9 ilulwela.

“I-NPA yakuqinisekisa ukuthi bonke ofakazi bazimisele ngokwethula ubufakazi babo, nokusho ukuthi isinqumo sisezandleni zikaShaun Abrahams manje.

“Ngicabanga ukuthi uma ethatha isinqumo sokungamshushisi angase athathelwe izinyathelo yi-DA ne-EFF. Kodwa uma ethatha isinqumo sokuba ashushiswe kuzomele anikezwe ithuba lokuya enkantolo,” kusho umhlaziyi wezomthetho u-Ulrich Roux.

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.