I-DA isivulele uMengameli Zuma icala lokuqamba amanga

2017-12-14 18:00

Johannesburg - I-DA isivulele uMengameli Jacob Zuma icala lokuqamba amanga engaphansi kwesifungo ngemuva kwesinqumo esingundabamlonyeni esimayelana neState Capture esikhishwe ngoLwesithathu.

Abakhulumela i-DA uRefiloe Ntsekhe noPhumzile van Damme bachithe isikhathi esingangehora namaphoyisa aseRosebank ngemuva kokuthi umholi we-DA uMmusi Maimane ebambe isithangami sabezindaba mayelana nezinyathelo ezizothathwa.

UNtsekhe utshele izintatheli ukuthi iqembu linqume ukuvulela uZuma amacala ngemuva kokuthi amajaji eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng ePitoli ekhiphe isinqumo esimchithayo uMengameli Zuma.

La macala amayelana nencwadi efungelwe kaMengameli Zuma ayifaka enkantolo kanye namaphepha kuleli cala wathi uma kwenzeka kuvela ukuthi uThuli Madonsela udedela umbiko wokugcina ngaphandle kokumnikeza ilungelo lokuthatha izinyathelo zomthetho, umbiko kuyomele udedelwe.

OLUNYE UDABA: I-DA ifuna ukwazi ukuthi uxoshelweni obize uMengameli Zuma ngomkhovu

Nokho, ezincwadini yesibili efungelwe, umengameli washintsha inkulumo wathi kwashelela usiba encwadini efungelwe yokuqala wathi yena wayeqonde ukuthi umbiko ungadedelwa.

UNtsheke uthe: "Inkantolo ikhethe ukungasenzi isinqumo sokuthi ngabe kwaba nokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo, ayizange isho ukuthi kwaba nephutha ekubhalweni kwale ncwadi."

Uthe uZuma waqamba amanga ngamabomu futhi wayazi ukuthi umbiko kaMadonsela wawusuphothuliwe ngaphambi kokuba afake incwadi efungelwe njengempendulo.

NgoLwesithathu, inkantolo isichithile isinqumo sikaZuma esimelene nombiko kaMadonsela, sokuthi kumele aqoke ikhomishini yophenyo mayelana neState Capture zingakapheli izinsuku ezingu-30.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.