I-DA isola undunankulu ngokushona kweziguli ezingu-94

2017-02-03 13:02

Johannesburg – IDemocratic Alliance (DA) isisole uNdunankulu waseGauteng, uDavid Makhura, ngokuba nesandla ekushoneni kweziguli ezingu-94 eziphazamiseke ngokomqondo kulandela ukukhishwa kwazo esikhungweni ababehlala kuso, iLife Esidimeni.

ILungu lesiShayamthetho se-DA, uJack Bloom, uthi uMakhura wavikela lowo obenguNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, uQedani Mahlangu, ngenxa yokuthi “uyisikhulu esiphezulu” ku-ANC.

Ubekhuluma ngesikhathi yena nomholi we-DA eGauteng, uJohn Moodey, behole umlindelo bekanye namalungu omphakathi ngaphandle kwamahhovisi kaMakhura eGoli, ngoLwesine kusihlwa.

OLUNYE  UDABA: Zibhodla umlilo iziguli zabesifazane ezilaliswa nezamadoda

UMakhura akazange athathe izinyathelo kulandela imibiko yokuqala yokuthi zingu-36 iziguli ezishonile kulandela ukukhishwa eLife Esidimeni.

“Kusukela eqaleni ngacabanga ukuthi kwakufanele asule ngokuphoxeka nokwethuka ngoba ngempela, lokhu bekukubi kakhulu,” kusho uBloom.

UBloom uthi ukusula kukaNgqongqoshe yinto okufanele engabe kudala yenzeke njengoba bese kuze kwaphela nezinsuku ezingu-141.

“Lesi yisibalo esithusayo sesikhathi sokuthi uNgongqoshe ahlale ehhovisi, futhi ekugcineni uNgqongqoshe umvikelile,” kusho uBloom.

Uqhuba uthi ukuba uMakhura washeshe wenza umnyakazo ngabe kwagwemeka ukulahleka kwempilo yeziguli. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.