I-DA ithathela uMalema izinyathelo enkantolo ngenkulumo yakhe “enodlame”

2018-03-02 09:36

Cape Town – Iqembu leDemocratic Alliance ngoLwesine liveze ukuthi lizovulela umholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema icala enkantolo i-Equality Court.

Leli qembu lisola uMalema ngokugqugquzela udlame ngenkulumo yakhe ecwasayo.

Lokhu kulandela inkulumo eyakhulunywa wuMalema esabisa ngokupheka iMeya yaseNelson Mandela Bay u-Athol Trollip ngebhodwe elincane njengoba iqembu lakhe i-DA lingahambisani nokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.

I-DA icaphune inkulumo kaMalema lapho ethi: “Sizoyisusa iMeya yasePE siyiqonde ngqo le ndoda yenu yomlungu yasePE sizoyinqamula uqhoqhoqho.”

OLUNYE UDABA:I-DA iyisitha sabantu njengoba ingakweseki ukubuyiswa komhlaba - Malema

Leli qembu lithi le nkulumo kaMalema igqugquzela inzondo kanye nodlame ngokusho kweSigaba 10 soMthetho wokuKhuthaza ukuLingana kanye nokuGwema ukuCwasana,”kusho uSomlomo we-DA uRefiloe Nt’sekhe.

Kwinkulumo yake, uMalema wathi ngeke bayeseke i-DA kumasipala iNelson Mandela Bay ngoba ayizange yeseke ivoti labo lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.  

"Kumele sibafundise isifundo, sibaphuce amandla ukuze sibabonise ukuthi sizimisele ngodaba lokubuyiswa komhlaba,"kusho uMalema ngoLwesithathu engaphandle kwesibhedlela iBaragwanath lapho beqhuba khona umkhankaso wabo wezempilo.

UMalema usola iDA ngokungazwelani nobuhlungu abantu abadlula kubo bephucwa umhlaba ngo-dli, ngokuthi leli qembu lithi labo abaphucwa umhlaba wabo ezindaweni ezifana neDistric Six kumele banikezwe izindlu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.