I-DA ithi akehle esikhundleni uMugabe, kuyiwe okhethweni

2017-11-15 15:59

Johannesburg - IDemocratic Alliance isinxuse uMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe ukuba ehle esikhundleni, kubanjwe kabusha ukhetho, ngenxa yesimo esibukeka singesihle kuleliya lizwe.

"Lokhu kuzonikeza abantu baseZimbabwe ithuba lokukhetha kabusha abakufunayo ngezwe labo, baphinde bazikhulule emandleni ombuso wengcindezelo kaRobert Mugabe neZanu-PF yakhe.

“Intando yabantu yeqiniso ukulalelwa kokufunwa ngabantu, hhayi ipolitiki yangaphakathi noma imibutho yomzabalazo,” kusho umholi we-DA uMmusi Maimane esitatimendeni ngoLwesithathu.

UMaimane uthe isimo saseZimbabwe sidala ukukhathazeka ngentando yabantu e-Afrika.

Izinkinga ziqale ukushuba eZimbabwe ngesikhathi uMugabe exosha iphini lakhe u-Emmerson Mnagangwa ngeledlule – ngenxa yombango wezikhundla kwi-Zanu-PF.

OLUNYE UDABA: Ukuthuba nothando ngaphezu kwakho konke - Mugabe Jr

UMaimane uphinde wagxeka iNingizimu Afrika ngesimo saseZimbabwe, njengona ethi lokhu kuwumphumela wokwenzeka ngaphansi kwesandla sikaThabo Mbeki.

Uthi uhulumeni kaMbeki wehluleka ukumela intando yabantu ngemuva kokhetho lwango-2008 eZimbabwe olwanqotshwa uMorgan Tsvangarai ngo-47.9% wamavoti kodwa uMugabe waqhubeka nokuphatha ekubeni wayethole amavoti angu-43.2%, nokwakusho ukuthi kwakumele kuvotwe kabusha.

UMbeki ngaleso sikhathi wayengumxazululi we-SADC eZimbabwe futhi wayeyingxenye yezingxoxo ezaphetha ngokuba kungayiwa okhethweni, kodwa kubenohulumeni wobambiswano phakathi kukaTsvangarai noMugabe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.