I-DA ithi kumnyama kubomvu iyaqhubeka imashi yaseThekwini

2017-04-06 19:33

Durban - Iqembu iDemocratic Alliance esifundazweni iKwaZulu-Natal lithumele incwadi evela kubameli balo liyibhekise kuMeya weTheku, uZandile Gumede.

Le ncwadi inika uGumede umnqamulajuqu wangoLwesihlanu ekuseni ukuze ahoxise amazwi akhe anokusabisa futhi angahambisani noMthethosisekelo mayelana nemashi ehlelwe yile nhlangano njengengxenye yamamashi azoqhubeka kuleli amelene noMengameli Jacob Zuma.

UGumede uthembise ukuthi kuzoboshwa wonke umuntu ozobamba iqhaza kula mamashi nokuyinto iDA eyithatha njengokucindezelwa kwelungela layo lokumasha ngokuthula.

UZwakele Mngcwango ongumholi we-DA esifundazweni uthe babone kungcono ukuba baye enkantolo ngemuva kokuba imeya isabise abantu ngokuthi bazoboshwa uma bebamba iqhaza kule mashi.

“Sicele ukuba inkantolo ingenelele ngoba kuyacaca ukuthi uGumede usabisa abantu futhi inkulumo yakhe ihlongoza udlame. Inkantolo isivunile isicelo sethu sokuba avale umlomo wakhe uGumede angabe esayithi vu indaba yale mashi futhi uyena ozokhokhela izindleko zenkantolo,” kusho uMncwango.

UMncwango uqhubeke wathi inkantolo isigunyazile isicelo sabo sokuba nemashi ngoLwesihlanu kanti namaphoyisa azobe ekhona ukuqapha isimo.

“Le mashi icelwe amalungu omphakathi azwakalise ukukhathazeka ngesimo esibhekene naso siyizwe futhi afuna ukubonisa ukuthi aweneme nezwe ngoMengameli wezwe. Sicele imvume yenkantolo ukuze sibe nemashi enokuthula ngoba akukho okubi esikuhlosile futhi asilufuni udlame,” kuqhubeka yena.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Sizodlala iDA ne-#BlackFriday 'engumbhedo'

Okhulumela ihhovisi leMeya, uMthunzi Gumede, uthi ayikho le nto eshiwo yi-DA yokuthi amagama eMeya ahlongoza udlame.

Kuzoba namamashi amathathu edolobheni eThekwini ngoLwesihlanu, kunemashi ehlelwe abe-Save SA, kubekhona eyophiko lwentsha kaKhongolose kulesi sifundazwe kanti futhi kunenye imashi ehlelwe abasebenzi basemakhazeni.

"Into ecelwa wuMkhandlu weTheku wukuthula nokungaphazamiseki kokusebenza kukamasipala, kanye nokwabantu abadayisa emgwaqeni."

UGumede ubuye wanxusa bonke abazobamba iqhaza kula mamashi ukuba bahloniphe amaphoyisa futhi bahambisane nemiyalelo yawo ukuze kugwemeke udlame.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.