I-DA ivulele isikhulu sakwa-Eskom amacala

2017-12-19 07:14

Cape Town – IDemocratic Alliance ngoMsombuluko ivulele icala lowo osanda kubuyiselwa esikhundleni sokuba yisikhulu esiphezulu kwa-Eskom, uMatshela Koko, ngezinsolo zokwephula i-Public Finance Management Act, kusho owe-DA uNatasha Mazzone.

“Kulandela uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe ‘olungumbombayi’, olugeze igama likaKoko emacaleni abenukwa ngawo, sibe sesimvulela amacala ngokwePublic Finance Management Act (PFMA).

"Lokhu sikwenze ngoba sikholelwa ukuthi uKoko kungenzeka ukuba wasebenzisa isikhundla sakhe kwa-Eskom ukuhlomulisa inkampani yendodakazi yakhe angayizali, nayo uqobo, okungenzeka ukuthi uma ziyiqiniso, wephula i-PFMA,” kusho uMazzone.

OLUNYE UDABA: UMengameli Zuma uyajabula ngendima ayidlalile kwi-ANC

UKoko usolwa ngokuba nesandla ekutheni u-Eskom unikeze i-Impulse International amathenda angafinyelela ku-R1 billion, ‘okuyinkampani yendodakazi yakhe angayizali.

“Njengoba-ke uNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uLynne Brown, ehluleka ukuthatha izinyathelo ukuze aphendule uKoko ngalolu daba, kusemahlombe oKlebe ukuba enze uphenyo ngalolu daba kuthathwe nezinyathelo uma kutholakala ukuthi kukhona okubheke eceleleni,” kusho uMazzone.

Uhlelo lokuqondisa izigwegwe ngesonto eledlule lathola ukuthi uKoko akanacala, kwayalelwa ukuba abuyiselwe esikhundleni sakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.