I-DA izofaka isicelo sokusondeza ukhetho ePhalamende

2017-09-04 14:00

Johannesburg - Iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance ithi ifuna ukufaka isicelo sokuba nokhetho oluphuthumayo, kanti lesi sicelo sizodingidwa kwinkulumompikiswano ngoLwesibili.

Leli qembu lifuna ukhetho lusondezwe nganeno kanti lithi lenza lokhu ngoba libeka iNingizimu Afrika phambili.

Okhulumela iDA kuzwelonke, uPhumzile Van Damme, ngeSonto uthe ukusondezwa kokhetho kulotshiwe kwisigaba 50 kuMthethosisekelo.

UVan Damme uthi lokhu kuzonikeza izakhamuzi zakuleli ithuba elisha lokukhipha i-ANC eholwa nguMengameli Jacob Zuma.

OLUNYE UDABA:I-DA isabisa ngokuqeda umshado wayo ne-EFF

Uthi abantu abaningi baphila osizini futhi impilo yabo iya ngokucindezeleka.

Uthi konke lokhu kwenzeka nje izinsiza zoMbuso zidliwa ngabakwaGupta ngosizo lukaMengameli uJacob Zuma.

Leli qembu linxusa izakhamuzi ukuba zisayine isicelo salo sokusondeza ukhetho ukuze kuqinisekiswe ePhalamende ukuthi lesi sicelo siyagunyazwa, kubika iSowetan.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.