I-DA izovulela uNgqongqoshe wezempilo amacala ngokufa kweziguli eKZN

2017-07-26 09:35

Durban – I-DA ngoLwesithathu kulindeleke ivulele uNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi kanye nowaKwaZulu-Natal uSibongiseni Dhlomo amacala okubulala ngokungenhloso kulandela ukufa kweziguli ezingaphezu kuka-300 zibulawa yisifo somdlavuza esifundazweni

Ngokombiko weSouth African Human Rights Commission (SAHRC) okhishwe ngoJuni, uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal wephula amalungelo eziguli ezinomdlauza esibhedlela i-Addington naseNkosi Albert Luthuli Central.

OLUNYE UDABA: Lichashwa ngezinhlamba isoka lamanyala

Esitatimendeni sangoLwesibili, ilungu leDA ePhalamende uPatricia Kopane kanye no-Imran Keeka bathe bazovula amacala esiteshini samaphoyisa ePoint, eThekwini.

UKeeka uyena owafaka isimangalo kwi-SAHRC ngo-2016, ngemuva kokuvela kwemibiko ethi iziguli ezinomdlavuza azilutholi usizo lwezempilo olufanelekile, ngenxa yokushoda kwezisebenzi kanye nemishini yokuhlola noma yokwelapha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.