I-DA neminye imizamo ezocacisa ngekusasa likaDe Lille

2018-04-25 09:31

Cape Town - Ikhokhasi yeDemocratic Alliance (DA) edolobheni laseKapa ngoLwesithathu izovota ukuthi ngabe kumele yini akhishwe esikhundleni sokuba yimeya uPatricia de Lille noma cha.

Ikhokhasi ikwenza lokhu nje igqugquzelwa kakhulu yisigaba esisha kumthethosisekelo we-DA esivumela iqembu ukuba lixoshe abasezikhundleni abafakwe kuzona yinhlangano.

Iphini lomholi wekhokhasi ye-DA, u-JP Smith uthi balindeleke ukuba siphumelele isiphakamiso uma sekuvotwa.

Uthi: “Umphumela uzodluliselwa esigungwini esiphezulu okuyisona esizothatha isinqumo mayelana nokuthi siyasetshenziswa yini isigaba esiku-chapter 6 kumthethosisekelo weqembu.

“Isigaba sokwehlisa esikhundleni sizobe sesibavumela ukuba bacele imeya yesule, uma lokho ingakwenzi bazoyiphuca ubulungu bayo.”

OLUNYE UDABA: Kuboshwe isosha ngobugebengu eLimpopo

“Lokhu kuzobe sekumphuca amandla okuba yikhansela noma imeya,” kusho uSmith.

Lesi sigaba somthetho esagunyazwa kwinkomfa ye-Da yakamuva sivumela iqembu ukuba lixoshe amalungu alo ezikhundleni noma aphucwe ubulungu uma etholakala necala.

Ikhokhasi ye-DA idinga ukuba u-50% wamakhansela ayo ubekhona emhlanganweni ukuze ubesemthethweni, kanti lokhu kuzobe sekusho ukuthi kudingeka u-50% nevoti elilodwa ngaphezu ukuba uvotele ukuba axoshwe uDe Lille ukuze siphumelele isiphakamiso sekhokhasi.

Phambilini, uDe Lille wasinda ngevoti elilodwa ngesikhathi kufakwe isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe kumkhandlu waseKapa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.